Tag Archives | izithakazelo

Izithakazelo ZakwaNzama

Chamane! Wosiyana! Nina bakwaNombhoco Enawela ngezibuk’ elibanzi Abafokazana basala becosh’ izindondo Nina bakhandi bemkhonto. Nzama kaZukula Mfazi kashaywa ngemvubu Ushaywa ngombhombolo wesidwaba Mashumi kaLukhele Gcugcwa kaNcameni Owabonwa uShaka Kanti naye bazombon’ oMhlangana Read more …

Continue Reading Comments { 0 }

Izithakazelo ZakwaMlambo

Sishango sikaMabhendla Mabhendla eseNdlovane UMabhendla obaba njengoJobe kwaMahaqwabezi Nina bakaPhisa Sithole sasekhaya Mandeku! Shango! Nina bakwaVezi ozivezayo Mdineka! Nhlabathi! Manzi! Nina bakaNobanda ngomsasane Read more …

Continue Reading Comments { 0 }

Izithakazelo ZakwaSithole

Jobe! Mondisa! Phumela phandle ngoba kufudumele Matshana! Mhlakaza nhlansi zingamshisi Ziyoshis’ abalondolozi   Maphitha! Mthembu waseGubazi AbaThembu bengabakwaMvelase Ngqikazi zimnyama zingamankankazana Nyama kaMaqoqo Abayidla beyidonsisana Read more …

Continue Reading Comments { 0 }

Umlando Wokuhlukana Kwabantu BakwaNzama noChamane

Sibe nengxoxo no Mama Nomusa Maphumulo ohlala endaweni yaseNanda eCongo, uzalwa intombi yakwa Nzama usixoxele ngokuhlukana kwesibongo sakwaNzama noChamani. Ezikhathi zakudala kwakuvamise ukuthi kube nempi yezigodi okwakwenzeka kuliwe ngoba kubangwa ubukhosi kanye nabantu. Naliphi inqadi laliba nezinsizwa ezikhethelwa impi ekuyothi mhla impi iyohlangana zikhishwe izinsizwa ukuyolwa. Izingane nomama babesala emakhaya bazilungisele ukucasha uma sihlulwa isigodi [...]

Continue Reading Comments { 0 }

Umlando Ngokuhlukana Kwesibongo SakwaMeyiwa NoMsomi

Lapha sibheka umlando ngesibongo sakwaMsomi ukuthi bahlukana kanjani phakathi kuze kubekhona abakwa Meyiwa. Sibe nengxoxo noBaba Cabangela Meyiwa ohlala endaweni yaseNanda, kaBester. Ubaba uMeyiwa usixoxela ngokuhlukana okwenzeka eMaSomini. Ngokwesintu umnumzane uyaba nesithembu. Esithenjini kubakhona undlunkulu kanye nondluncane. Uma kwenzeka kube khona umakoti ekhaya ekufanele aphume kuvamise ukuthi kube omncane. Kodwa kwakungavamile ukuthi kuhlukwane ngokuhlala. Umnumzane [...]

Continue Reading Comments { 0 }